UPhiyega ubehleka kukhala abefelokazi - Umbiko

2012-10-24 12:02

Johannesburg - UKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega kuthiwa uphubuke wahleka eshaya namancoko ngesikhathi kukhonjiswa isithombe sokudutshulwa kwabavukuzi abangu-34 abadutshulwa beqhuba umbhikisho emayini, kubika iphephandaba iThe Times.

UPhiyega ungomunye wabathamele iKhomishana kaFarlam, ezama ukuthola izimpendulo ngakho konke okwenzeka kuze kudutshulwa abavukuzi, kuthiwa ubephahlwe ngezinye izikhulu ngesikhathi ebonakala emamatheka, ebukela isithombe.

“UPhiyega uvele wahlala anje wagqolozwela phambili ngesikhathi kuqhuma isililo somfelokazi owashonelwa ngumyeni wakhe kulokhu kudubula,” kubika iphephandaba.

"Babekwenzelani lokhu? Ngempela amaphoyisa ambulalelani umyeni wami, wenzani?” kusho isililo somfelokazi.

Kuthiwa uPhiyega ubonakale eduduza umfelokazi welinye lamaphoyisa elabula khona eMarikana, ebuzwa ngabezindaba ukuthi kungani engabaduduzanga abanye abefelokazi, uphenfule wathi: "Angizele lokho lana, ngizele ukuzokwethamela ikhomishana qha.”

UMbhishobhi uJo Seroka, ongasohlangothini lwabavukuzi uthe: “ Ubezihlalele nje ezihlekela, engazi nokuthi lidumephi.”
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Zimkhalele oqonywe yintombazane ena-13

Emizuzwini eyi-43 edlule
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...