UPhil Setshedi uthole ibheyili ka-R10 000
2011-06-10 10:32
Cape Town - Lowo owayeyimenenja ye-Orlando Pirates uPhil 'Mr Jones' Setshedi unikezwe ibheyili ka-R10 000 emuva kokuvela eNkantolo yeMantshi eKapa ngezinsolo zokuzama ukukhwabanisa umdlalo, kubika iKickOff.com.
USetshedi, nowayedlalela leli qembu ngeminyaka yawo-1970 nezihlabani ezifana noJomo Sono, Webster Lichaba, Yster Khomane, Patson Banda nabanye, uboshwe emuva kophenyo lophiko oludume ngokuphenya amacala athinta izikhulu, oKlebe.
"URakhange Humphrey Setshedi unikezwe ibheyili ka-R10 000 waphinde wayalelwa ukuba avele enkantolo ngoSepthemba 9... uzophinde avele esiteshini samaphoyisa esiseSandton kabili ngesonto," kusho okhulumela lolu phiko uMcIntosh Polela.
"Uzibiza ngo 'Mr Phil' nango 'Mr Cool' kanti wakhokhela iGa-Rankuwa United u-R2 000 ukuthi yenze umdlalo ukuthi uvune iMpumalanga Sivutsa Stars – nokuyilapho ebe eseboshwa khona esitolo sokudlela, eSpur."
- News24