UNzimane uncome u-matric

2013-01-04 11:01

Durban - UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uBlade Nzimande, uzwakalise ukwamukela izinga lokuphasa labebanga leshumi, wathi uncoma kakhulu imiphumela ye-maths.

"Esikubonayo nokusijabulisa kakhulu thina njengoMnyango wezeMfundo ePhakeme, ukunyuka kwesibalo sabaphase i-maths,” esho ekhuluma eseMgungundlovu.

"Ukunyuka kwesibalo sabaphase i-maths, kuzoba nomthelela ekubhaliseni ezikhungweni eziphezulu zemfundo lapho kudengeka ube nayo ukuze ungene khona.”

UNzimande ukujabulele nokwenza kangcono ezifundweni zePhysical Science, Geography,neHistory.

UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga, umemezele ukuthi u-73.9% wabafundi abaphasile ngo-2012. Ngo-2011 kwaba ngu-70.2%

UNzimande uthe ukwenza kangcono kwabafundi kusho ukuthi bangaphezulu kuka-15 280 abaphase ngo-bachelors uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, isibalo sinyuke ngo-12%.
 
Uphinde wanxusa labo abangaphumelelanga ukuba bangadikibali kodwa babheka kwezinye izindawo lapho abangaqhuba khona imfundo yabo.

Kumele bafundele imisebenzi emakolishi eFurther Education and Training (FET).

Balinganiselwa ku-180 000 abafundi okulindeleke ukuba babhalise emanyuvesi, kanti balinganiselwa ku-100 000 angase baye kuma-FET.



"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



 

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Yekani ukugxambukela - Muthambi

Emizuzwini eyi-41 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...