UNzimande uthi abezindaba banokwenzelela

2012-11-02 08:37

Johannesburg - Umholi weSACP uBlade Nzimande usesole abezindaba bakuleli ngokulokhu beqhubeka njalo nokubika ngokumelana nombimbi olunxantathu kanjalo nohulumeni wesikhathi kaMengameli Jacob Zuma, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

Iphephandaba iThe Star libike ukuthi uNzimande uthe cishe zonke izinkampani zabezindaba ziyishaya indiva yonke into enhle eyenziwa yi-ANC, kunalokho bagxeka abaholi.

"Abezindaba abasazihluphi ngokubika ngokungenakwenzelela," kusho uNzimande enkomfeni yeSA Communist Party's (SACP).

"Abasayilandeli ngisho imigomo yabezindaba eyabhalwa yibo. Angazi kungani i-ANC isithule ngodaba lweMedia Tribunal."

Usole i-Avusa, Independent Newspapers neMedia 24 ngokubika  ngendlela engagculisi.

Umsakazeli womphakathi iSABC nayo ayisalanga ngaphandle njengoba uNzimande ethe iSAfm yenze "ngamabomu" yafunda kuphela leyo miqhafazo ebiza abaholi be-ANC ngezixhwanguxhwangu emoyeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...