UNzimande ugxeke uMbeki weseka uZuma

2012-10-26 12:03

Johannesburg - UNobhala Jikelele weSA Communist Party uBlade Nzimande, useveze ukweseka kwakhe uMengameli uJacob Zuma waqhubeka wathi “abaphiki  bengculaza” abangazami ukufundisa iqembu elibusayo ngokuphatha, kusho umbiko weSowetan.

"Akekho noyedwa kubaphiki bengculaza ekumele aze kithi azositshela ukuthi siphathe kanjani, ekubeni bona bengakabali ukuthi bangaki abantu abashona ezandleni zabo,” kusho uNzimande ekhuluma eseMidrand.

UNzimande uthe wasala ephoxekile ngezinkulumo zaloyo owabe enguMengameli uThabo Mbeki nowabe enguNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo uManto Tshabalala Msimang, abazenza ngodaba olwabe luphathelene negciwane lengculaza.

Uqhubeke wathi uMbeki ekanye nomholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota, bahamba beshiye imibuzo ngemuva, uthe kunombuso wabantu abafana nabafile, abazama ukuvukela uZuma.

Ngesonto eledlule uMbeki wakhuluma wathi ubuholi obukhona be-African National Congress, buphelelwe indlela yokuphatha.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...