UNgqongqoshe uthi abeMK abagade obhejane

2012-03-16 16:38

Durban - UNgqongqoshe woMnyango wezoLimo esiFundazweni sakwaZulu-Natal uMeshack Radebe uthi amasosha oMkhonto we Sizwe makube yiwo agada abazingela obhejane, kubika abezindaba zeNewswatch, ngoLwesihlanu.

Ekhuluma eDundee uRadebe uthi abazingeli basuke benenhloso ethize futhi basuke behlomile.

Uthi izikhulu kumele zihlome ziphelele uma zifuna ukunqoba impi yokuzingelwa kobhejane.

Okhulumela uMnyango uJeffrey Zikhali uthi kuyenzeka abazingeli basebenzise izindiza uma bezogila lomkhuba, uthi bayakwazi ukusheshe baphunyuke bashiye sebedale umonakalo okanye sebebulele isilwane.

UZikhali uthi maningi amasosha eMK angasebenzi, uthi ukugada kwawo iziqiwi kungenza umehluko.

"Isifundazwe sakwaZulu-Natal sinenhlanhla yokuba neziqiwi ezise zingeni eliphezulu, aabntu kumele bafundiseke ngokubaluleka kwazo ukuze bezozinakekela," kusho u Zikhali.

 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...