UNgobeni ucela usizo lomphakathi ngolwaKwaMashu
2012-12-03 08:15
Durban - UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMmamonnye Ngobeni usecele umphakathi ukuba usebenzisane naye ekukhishweni kwezikhali ehostela laKwaMashu, nelihlaselwe wudlame.
Leli hostela, nelidume kakhulu ngokuba yisizinda sezikhali, kamuva nje liyindawo yodlame lwezombusazwe, njengoba zanda izigameko zodlame phakathi kweNkatha Freedom Party neqembu elingamahlubuka iNational Freedom Party.
Yize isimo sizinzile uma siqhathaniswa nesangesonto eledlule, nalapho kwadutshulwana khona kwacekelwa phansi nezimoto, kusenokusabela ukuthi kungase kubheduke olunye udlame ngoLwesithathu uma sekukhishwa imiphumela yokhetho lokuchibiyela.
Ekhuluma ne
Sunday Tribune kuleli hostela, uNgobeni uthe unethemba lokuthi amaphoyisa ajutshwe kule ndawo azowenza ngendlela umsebenzi wokugcina ukuthula.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24