UNel uyashubisa kwelika-Oscar

2013-02-22 12:04

Pretoria - Umshushisi uGerrie Nel ushubise isimo enkantolo ngesikhathi ebuza ngemizuzu yokugcina ka-Oscar Pistorius, ngaphambi kokuthi adubule abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp, owadutshulelwa ethoyilethe.

"Owesifazane wangena ethoyilethe ngezithuba zawo-03:00, ukube kwakukhona umgqekezi wayengamemeza athi: 'ukuphi Oscar?'," kusho uNel ephikisa isicelo sikaPistorius sebheyili, eNkantolo yeMantshi ePitoli.

UPistorius uyakuphika ukuthi wadubula ngenhloso intombi yakhe uSteenkamp, owadutshulwa ngeValentines Day, uthi wadubula engazi ukuthi isethoyilethe, uthi wayecabanga ukuthi ngumuntu ogqekezayo.

UNel ube esekhuluma ngokukhala kukaPistorius, ohlale ekhala kusukela aqala ukuvela enkantolo wathi: " Kulindelekile ukuthi vele kube nokukhala, kuyenzeka vele ukuthi umuntu aqale abe nokuzisola uma esedubule wabulala umuntu."

"Umuntu uyaqala azidabukele ecabanga ukuthi usezohlala esenkantolo futhi usaya ejele. Kwakukhala kungenzeka ukuthi kuyinto ehleliwe," kusho uNel.

Uthe inkantolo akumele iphathe uPistorius ngendlela ehlukile ngoba nakhu edumile futhi enokukhubazeka.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...