UNdunankulu uyayiphika imoto kanokusho

2012-03-13 16:28

Johannesburg - UNdunakulu wesifundazwe saseGauteng uNomvula Mokonyane ngoLwesibili uphike wama ngentaba ukuthi ihhovisi lakhe lithenge imoto yohlobo lweMercedes Benz.

"Asinalo lolohlobo lwemoto, leyo yimoto yakwa-G-fleet," ephendula kwisiShayamthetho eGoli.

Umholi wekhokhasi yeDemocratic Alliance uJack Bloom ubuze uMokonyane ukuthi uthengeleni imoto ebiza ngaphezu kuka-R500,000, eyedlula ezinye izimoto anazo.

"Lemoto iMercedes ML63 AMG ibiza-R1,259,000. Bekubalulekile yini ukuthi ithengwe?" kubuza uBloom.

"Angiphendule sidlule kulendaba. Akukho mali esiyikhokhele lemoto, sikhokhela kuphela uphethiloli nokuyisebenzisa," kusho uNdunankulu


 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-33°C Mostly sunny. Hot.
Jhb: 18-28°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 22-33°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 21-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...