UNdebele uzibophezele ekuletheni ushintsho

2012-10-04 12:03

Cape Town - UNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uSibusiso Ndebele ufunge wagomela ekushintsheni indlela okuphathwa ngayo imali kulo Mnyango.

"UMnyango uyazazi izinkinga eziphakanyiswe nguMcwaningimabhuku ngakho-ke sinezinhlelo zokushintsha indlela esenza ngayo ukuze kube nendlela ehlukile yokusetshenziswa kwemali," esho esitatimendeni.

UMgcinimabhuku waveza ukuthi kunobudedengu ekusetshenzisweni kwempahla nemali kulo Mnyango.

UNdebele uthi usekwenze "kwacaca bha" ezikhulwini zoMnyango ukuthi ufuna kuliwe nalesi sihlava.

"Sisebenza kanzima kanti futhi siyathemba ukuthi imizamo yethu izothela izithelo ezibonakalayo," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Wesulile esikhundleni uPansy Tlakula

Emizuzwini eyi-21 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...