UNdebele uyiphikile eyezigqebhe

2011-10-21 10:34

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha uSibusiso Ndebele uyihlabile imibiko ethi wagxeka abesifazane abagqoka izigqebhe uma beyohlolelwa amalayisensi abo.

Okhulumela umnyango uLogan Maistry uthe umbiko wephephandaba ngezigqebhe ubungesilona iqiniso.

"Ungqongqoshe ebetshela izikhulu ukuthi kumele zenze umsebenzi ngendlela.

"Izikhulu akumele zinake ukuthi labo abazohlolwa bagqoke kanjani kodwa banake umsebenzi wabo kuphela."

Kucashunwa uNdebele ephephandabeni iDaily Sun ngoLwesibili, nalapho leli phephandaba lithi wathi phansi ngezigqebhe kwabesifazane abazohlolelwa ukushayela.

"Kulungile uma nithanda ukugqoka iziketi ezimfishane kodwa azingabe sezenyuka kakhulu ngelanga lokushayela ngendlela yokuthi kuphazamiseke lowo osuke ekuhlola," kucashunwa uNdebele esho, ngokwaleli phephandaba.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...