UMthethwa usacubungula isinqumo senkantolo

2013-01-14 14:26
Yabelani Shicilela

Cape Town - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa usazosicubungula isinqumo senkantolo sokuba kuphenywe ngokusebenza kwamaphoyisa eKhayelitsha, kusho ihhovisi lakhe.

"Sisizwile isinqumo seNkantolo eNkulu yaseWestern Cape … okwamanje sisasicubungula ukuze sithole umhlahlandlela mayelana nokuthi siyeke kanje noma sisidlulise,” kusho isikhulumi sakhe uZweli Mnisi.

Ihlulekile imizamo kaMthethwa eNkantolo eNkulu eWestern Cape yokuba kumiswe ukusebenza kwekhomishana eyabekwa uNdunankulu wesifundazwe uHelen Zille ngemuva kwezikhalazo zezinhlangano zomphakathi ngonyaka odlule.

Izikhalazo zeza ngemuva kwezakhamuzi abezizithathela umthetho ngezandla, zazibethi  ukungasebenzi kahle kwamaphoyisa yikho okuholela ekutheni zizibambele umthetho ngezandla.

Izakhamuzi zaseKhayelitsha, ziholwa yinhlangano ezimele iSocial Justice Coalition, zisamukele isinqumo.

"Lokhu kusho ukuthi kukhona okuzokwenziwa ngezinga lobugebengu eKhayelitsha, ngakho sijabule kakhulu,” kusho isikhulumi u-Axolile Notywala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-20°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 8-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-26°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...