UMsamariya olungileyo ubulale obebamba inkunzi

2015-06-02 18:18

Port Elizabeth - Owesilisa obedlula ngendlela usize owesifazane obebanjwa inkunzi emshinini wokukhipha imali Kwadesi, ngokuthi adubule isigebengu esisodwa ngemuva kokudutshulwa esandleni.

Okhulumela amaphoyisa aseMotherwell uWarrant Officer Dumile Gwavu, uthe owesifazane ubekhipha imali ku-ATM eZiyabuya Shopping Complex ngesikhathi abhudukezwa amadoda amabili ezama ukumphuca imali.

OLUNYE UDABA: Uthi uzobafunela owaseMalawi obanjwe inkunzi

“Esinye isigebengu sizame ukuhlwitha isikhwama, owesifazane wadaza inkani esidonsa naye kanti owesilisa odlula ngendlela uyasibona lesi sigameko,” kusho uGwavu.

UGwavu uthe ngesikhathi esondela uMsamariya, 42, esinye isigebengu sibe sesihosha isibhamu samdubula esandleni.

Le ndoda nayo ibe isikhipa esayo yajaha isigebengu yasidubula amahlandla ambalwa, sawela phansi sashona.

Omunye umsolwa usagcwele amathafa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...