UMpisane uzozwa isinqumo ngebheyili

2013-02-08 10:04

Johannesburg -  Usomabhizinisi waseThekwini uShawn Mpisane uzozwa ngoLwesihlanu ukuthi uzonikezwa yini ibheyili yiNkantolo ebhekene neziphathelene neziMali eThekwini.

NgoLwesine, uthe uzimisele ngokuwaphika wonke amacala angu-53 abekwe wona, okubalwa ukukhwabanisa, ubuqola nokuqamba amanga.

Usolwe ngokuletha amaphepha angumkokotelo ukuba aphasiswe yiConstruction Industry Development Board, nokwaholela ekutheni athole ithenda lika-R140 million eMnyangweni wezemiSebenzi yoMphakathi.

UMpisane usola uMbuso ngokulokhu uphikelela "ekuphenyeni icala elilodwa bese benza sengathi kukhona okusha".

Uthi lo R140m umaqondana namathenda ayisihlanu awathola.

Ngasekuqaleni kwesonto, i-Asset Forfeiture Unit ishaqe umuzi wakhe nezimoto ezingu-51.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Sunny. Mild. Pta: 19-29°C Rain showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 16-25°C a few tstorms. Broken clouds. Warm. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C Isolated tstorms. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...