UMpisane uzoya enkantolo ngoSepthemba

2013-02-21 12:08

Durban - Lizothethwa ngenyanga kaSepthemba icala likasomabhizinisi waseThekwini uMabongi Flora Junior "Shauwn" Mpisane, osolwa ngokuphazamisa ufakazi woMbuso.
 
IMantshi uStanley Gumede udlulisele leli cala eNkantoolo yesiFunda ePinetown, wathi lizoqulwa phakathi komhlaka-9 no-13 Septhemba.

UMpisane owaziwa ngokutheleka enkantolo ephelezelwa ngonogada bakhe futhi eswenkile, ubhekene nelinye icala lokuphazamisa ukusebenza komthetho nokukhwabanisa.

UMpisane umangazwe yinkantolo ngoLwesine, ngesikhathi etshelwa ukuthi sekwandiswe amacala akhe okukhwabanisa, aba yisikhombisa.

Kuthiwa lona wazama ukuncenga ufakazi woMbuso ukuthi ashintshe ubufakazi bakhe, ecaleni elimayelana nokukhokhelwa kwentela.

Ubhekene namanye amacala angu-53, aqulwa eNkantoloyaseThekwini ePhathelene neziMali.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

ICosatu igxeke isenzo samasosha

Emizuzwini eyi-55 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...