UMpisane akalugobi uphondo ngempahla yakhe

2013-02-25 14:04

Durban - Usomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mpisane akazwani kahle naloyo obekelwe umyalelo wokuthi ahlonze yonke impahla yakhe okumanje isezandleni zabomthetho, uTrevor White, kubika iThe Mercury.

Emaphepheni ahanjiswe ngaphambi kwenkantolo, uMpisane ufuna kubuyiselwe kuye impahla yakhe eshaqiwe, uthi kwakungamele uWhite akhiphe umyalelo wokuthi kudliwe izimoto eziwubutsetse eziyisishiyagalolunye.

Ebufakazini obuhanjiswe enkantolo, uMpisane uthi impahla yakhe ingaphezu kuka-R68 million wathi izimoto zizodwa ziyizigidi eziningi.

UWhite uthi impahla eshaqiwe ingaba ngu-R50 million kuphela, wathi izimoto zona zingabekwa ku-R15 million.

Ezinye izimoto ezingu-51 ezingase zidliwe, kuthiwa zingaba ngu-R20 million.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...