UMotshekga weseke ophenywa ngolwezincwadi

2012-11-09 10:01
Yabelani Shicilela

Cape Town - UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga, useveze ukweseka kwakhe uMqondisi JIkelele woMnyango uBobby Soobrayan, ophenywa ngodaba lokungahanjiswa kwezincwadi zabafundi baseLimpopo kusanesikhathi.

"Indaba yokuthi uyaphenywa ayichazi lutho ngesithunzi sakhe emsebenzini. Indaba imayelana nokuhlela izinto ngesikhathi esifanele nokuthi walandelisisa yini imigomo," kusho ungqongqoshe ekhuluma nezindabeni ze-567CapeTalk.

"Kumayelana nokuthi ikhona yini indlela engcono ayengenza ngayo izinto, kuthi ukushesha. Ilokho iPublic Services Commission ephenya ngakho."

Enkulumeni yaphambili kangqongqoshe nalo msakazo, wancoma kakhulu uSoobrayan.

Ngenyanga ka-Okthoba uMengameli uJacob Zuma wanquma ukuthi kuphenywe uSoobrayan, mayelana nokwehluleka koMnyango ukuhambisa izincwadi kusanesikhathi.

Kuthiwa uSoobrayan washaya indiva incwadi eyabhalwa ngabashicileli bezincwadi ngesikhathi bemazisa ukuthi abakalitholi i-oda lezincwadi zonyaka.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-23°C Passing showers. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-18°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 10-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-19°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...