UMotshekga udumele ngokuputshuka kwama-sms

2013-01-28 12:04

Johannesburg - UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga uthe ngoMsombuluko udumele ngokuthi ingxoxo yangasese phakathi kwakhe nesikhulu seFirst Rand Bank uSizwe Nxasana ikhishelwe abezindaba.

"Siyaziqhelelanisa nalokhu kuputshuka ngenxa yokuthi kuyindaba ebucayi kanti sizocela ukuba kuphenywe ngayo," kusho uMotshekga esitatimendeni.

"Sithanda ukuxolisa nakuMnuz Nxasana ngaleli phutha."

Iphephandaba iSunday Times libike ukuthi uNxasana uthumelele uMotshekga umqhafazo ngoMsombuluko ngemuva kokuthi ingane imbize "ngongenangqondo" kwenye yezikhangisi ze"You Can Help".

"Ngiyabingelela ngqongqoshe. Ngiyalele iFNB ukuba isuse i-video ku-website yabo namhlanje ekuseni. Ngizophenya ukuthi kungani la ma-video egcine ephume ku-website. Ngixolisa kakhulu. Sizwe," kubhalwe lo mqhafazo.

Umkhankaso weFNB ubandakanya ama-video amaningi lapho izingane zesikole zifunda izinto ezingafisa ukuzibona kuleli lizwe.

I-ANC yawuhlaba kakhulu lo mkhankaso nokwagcina ngokuthi kube nomhlangano, owaphetha ngokuthi iFNB ixolise.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...