UMotshekga makadliwe yizembe - ANCYL

2012-08-01 12:06

Johannesburg - Ukugcina uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga esikhundleni sakhe kuyaluphazamisa uhlelo lwezemfundo ezweni, kusho isekela likaNobhala Jikelele wophiko lwentsha lwe-ANC, uKenetswe Mosenogi.

Uphiko lwentsha neCongress of SA Students (Cosas) bafuna ukuba uMotshekga asule esikhundleni sakhe, bakusho lokhu ngoLwesibili eGoli, eLuthuli House, kubika iphephandaba iThe Star.

UMosenogi uthe inkinga yezincwadi zokufunda eLimpopo ibe yihlazo kabi esizweni.

“Umengameli weCosas uBongani Mani uthe uMotshekga uhlulekile ukwenza lokho abekelwe khona ngokuthenjwa ukuze ukufunda kuqhubeke.

“Uphinde waxhaphaza abantu bakuleli lizwe ngokwenqaba ukukhombisa ubuholi bakhe ngokuthi athathe izinyathelo ngalolu daba.

“UMengameli uJacob Zuma akumele afakelwe ingcindezi ngokuxosha uMotshekga. Yena ngokwakhe uMotshekga kumele avume ukuthi uhlulekile bese eyasula esikhundleni,” kusho uMani.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...