UMotlanthe uyamukele inselelo - Umbiko

2012-12-13 14:02

Johannesburg - Lowo okhulumela iSekela likaMengameli uKgalema Motlanthe usekuqinisekisile ukuthi lo sopolitiki usekwamukele ukuba semjahweni wesokuhola i-African National Congress.

UThabo Masebe utshele i-Associated Press ngoLwesine ukuthi uMotlanthe ukwamukele ukuphakanyiswa kwegama lakhe kwesobumengameli.

UMotlanthe uyisekela likamengameli ku-ANC.

Njengoba amukele lesi siphakamiso, kusho ukuthi uzophonsela uMengameli Jacob Zuma inselelo.

UZuma usevele wesekwa ngabaningi ukuba aphathe ihlandla lesibili uma sekunengqungquthela yokuqokwa kobuholi eMangaung.

Uma uba ngumengameli we-ANC lokhu kukwenza umengameli wezwe kuhulumeni wentando yeningi, njengoba ngisho amaqembu aphikisayo engaliboni elidlalayo kuleli qembu uma kuyiwa okhethweni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...