UMotlanthe uxwayise i-ANC

2012-12-03 16:36

Johannesburg - Uma i-African National Congress ihluleka ukulalela abantu ukuthi bathini, ingase ilahlekelwe yisikhundla sayo sokuba yiqembu elibusayo, kusho iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe.

"Thina njenge-ANC kumele sihlale sisebenzela abantu baseNingizimu Afrika," esho ekhuluma nabeBritish Broadcasting Corporation.

"Uma abantu baseNingizimu Afrika bengaboni ukuthi i-ANC yikhaya labo, yiqembu elingakwazi ukuzwa liphinde libhekane nezinkinga zabo, bangase babalekele kwamanye amaqembu."

UMotlanthe uthe i-ANC ayizimisele ekubuyeleni esikhathini sakudala, wathi abagxekayo banalo ilungelo lokukhuluma abakuthandayo nokho abanalo ilungelo lokufanisa iqembu nohulumeni wobandlululo.

"Uma sihluleka ukuzwa izimfuno zabantu, asifanelwe ukuba yiqembu elibusayo. Ngiyavuma kukhona lapha singenzanga khona kahle."

"Siyiqembu sihlala njalo sikhathazekile ngokwehluleka kwethu, uMengameli uJacob Zuma naye uke wakugxeka ukudembesela kukahulumeni," kuqhuba uMotlanthe.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe kwabulawa umlimi

Emizuzwini eyi-11 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-34°C High level clouds. Extremely hot.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-35°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 19-28°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 17-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...