UMotlanthe uthi usadlinza ngolwakhe noZuma

2012-11-30 14:03

Pretoria - USekela Mengameli uKgalema Motlathe ukhulume wathi usajula ngokuthi ancintisane yini noMengameli uJacob Zuma, uma sekukhethwa ubuholi beqembu i-African National Congress, ePolokwane.

"Ngisandlinza ngalolu daba," esho ngemuva kokuvela kokuthi i-ANC esifundazweni iGauteng iphakamise igama lakhe ekutheni kube nguye ohola leli qembu elibusayo.

Singaphansi kwamasonto amathathu isikhathi esisele ngaphambi kokuthi iqembu libambe ingqungquthela yokuqoka ubuholi eMangaung.

Loyo ozoqokwa ukuthi ahole i-ANC, uyophinda abe ngumengameli wezwe ngonyaka ka-2014, uma kwenzeka i-ANC idla umhlanganiso.

UMotlanthe uthe uyokuba nempendulo uma sekukhulume izifunda.

"Umbuzo uyophenduleka uma zonke izifunda seziphumele obala. Kungenzeka ligcine lingaphakanyiswanga igama lami," etshela imithombo yezindaba yasemazweni angaphandle.

 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 15-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...