UMotlanthe ugxeke uhlelo lokuqokwa kobuholi

2012-12-03 10:03

Johannesburg - USekela Mengameli uKgalema Motlanthe uthi akazimisele ukuhola umbutho la ezokhethwa khona ngemuva kokuthi "kuhlelwe" esho ekhuluma nelinye lamaphephandaba.

"Angifuni ukuhola umbutho engiqokwe kuwo ngoko"hlelo" angifuni ukuhola abantu engingazi ukuthi bangithemba kangakanani," esho ekhuluma nephephandaba iBusiness Day.

"Uma kube "nohlelo olulandelwayo ngokuqokwa kwami", uma ngikhuluma kamnandi nabo noma ngibanika imisebenzi, angisoze ngazi ngempela noma banakho yini ukungethemba njengomholi."

Izifunda eziningi ze-African National Congress ziphakamise igama likaMengameli uJacob Zuma, ukuthi kube nguye oqhubeka nesikamengameli weqembu uma kubuywa okhethweni lwezikhundla eMangaung.

Uhlelo lokuphakanyiswa kwamagama abaholi abazovotelwa, luthe ukuphazamiseka ngesikhathi izifundazwe ezintathu zihluleka ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokuphakamisa amagama, obungoLwesihlanu.

"Njengoba nje kuzwakala imvunge abanye bethi, 'ungalungeneli ukhetho, 'ungakwenzi ukuthi nokuthi' - konke lokho kubonisa ukwehla kwelukuluku ngokhetho. Ukhetho lwangaphakathi enhlanganweni yilo olukhulisa inhlangano - lokho kwenzeka kuphela uma abantu bekwamukela lokho futhi bekuqonda," kusho uMotlanthe.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...