UMokonyane ukhale ngabahlukumezi

2013-02-25 16:50

Johannesburg - UNdunakulu waseGauteng uNomvula Mokonyane, ukhulume wagxeka umkhuba wokudlwengulwa kwabesifazane, ngesikhathi ethula inkulumo yekhe yokuvula isiShayamthetho sesifundazwe.

UMokonyane uthi icala lokubulala elibhekene nomgijimi u-Oscar Pistorius kanye nalelo lokubulawa kwentombazane yaseBredasdorp u-Anene Booysen, ngamacala abengadingekile, nabeke kambi iNingizimu Afrika, kwamanye amazwe.

UPistorius ungaphandle ngebheyili ka-R1 million, ubhekene necala lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp, owabulawa ngeValentine’s Day.

UPistorius uthi ukudubula kwaba yiphutha.

UMokonyane  uthi amaphoyisa asebenza kangcono ekulweni nobugebengu, uma umphakathi usebenzisana nawo.

Undunankulu uthi izehlakalo zakamuva zikhomba ngokusobala ukuthi ukuhlukunyezwa kwabesifazane akunamngcele futhi akuyi ngokuthi umuntu ungusaziwayo kangakanani.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kulimale 3 kubanjwa inkunzi eGoli

Emizuzwini eyi-31 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...