UMogoeng ufuna impendulo ngoluthinta uZuma

2012-11-27 12:02

Johannesburg - INhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng uthe ucela kuthi kushaya umhlaka-7 Disemba ebe eseyitholile impendulo evela eqenjini i-African National Congress mayela nodaba oluthinta ukuthi kubanjwe inkulumompikiswano ngoMengameli uJacob Zuma, amaqembu aphikisayo athi awasamethembi.

UMogoeng utshele umkhulumeli wePhalamende uMax Sisulu noSotswebhu uMathole Motshekga, kusho iphephandaba iBeeld.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi umholi weDemocratic Alliance ePhalamende uLindiwe Mazibuko, efake isicelo sokwedlulisa isinqumo  senkantolo, eyathi angeke iphoqe i-ANC ukuthi iyibambe nini le nkulumompikiswano.

Ijaji eNkantolo eNkulu eKapa uDennis Davis wavuna i-ANC eyathi akujahekile kubanjwe inkulumompikiswano.

UMotshekga wakhuluma wathi iqembu alinqabile ukubamba inkulumompikiswano wathi okwamanje ziningi izinto iPhalamende elimatasa ngazo.

Esitatimndeni esahanjiswa kuMogoeng ngoMsombuluko, uMazibuko wagxeka uMotshekga wathi ukwenza kwakhe kuphambene noMthethosisekelo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Elinye ishobolo emndenini wakwaPistorius

Emizuzwini eyi-47 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Heavy rain. More sun than clouds. Cool. Pta: 9-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-21°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 15-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 10-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...