UMnyango wezabaSebenzi uxwayisa amabhizinisi
2013-02-27 16:36
Johannesburg – Abantu baseNingizimu Afrika kumele bahlale bevule amehlo baqaphele amaqili alutha abantu ethi asebenzela uMnyango wezabaSebenzi, ethi ahambe ehlola izindawo zokusebenza.
"Siyacela izinkampani kanjalo nabasebenzi ukuthi baqinisekise ukuthi bathola imininingwano ephelele yomuntu othi uthunywe nguMnyango wezabaSebenzi,” kusho uMqondisi eMnyangweni uMarsha Bronkhorst.
UMnyango uthole ukuthi kunomlisa mumbe ozibiza ngoTheo Botha, oseqole amabhizinisi athile eBethlehem, eFree State, eqamba amanga ethi usebenzela abakwaCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA).
UMnyango uthi abahloli abajutshwe nguMnyango abafiki kungazelele muntu, futhi abafuni mali kubasebenzi nasemabhizinisini.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).