UMnyango wezaManzi udinga izindodla

2012-03-14 14:01

Johannesburg - Uhulumeni unamathemba okuthi uzoyithola imali engu-R25 billion, evela kubatshalizimali, ezosiza ukulungisa izingqalasizinda esezikhathele, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezaManzi u-Edna Molewa, kubika iNewswatch.

UMolewa uthi zingu-43 izizinda zamanzi ezidinga ukulungiswa.

"Ngicabanga ukuthi sidinga imali engu-R75 billion," kusho uMolewa ngesikhathi ekhuluma nabezindaba iSapa, engqungqutheleni yezamanzi eFrance.

UMolewa uthi iNingizimu Afrika izama ukubheka ukuthi angeke yini kwalunga uma ezinye izizinda zamanzi zingadluliselwa ezinkampanini ezizimele.

"Uma kungenzeka izizinda ziphathwe ngokuphelele izinkampani okanye kube izinkampani zibambisane nemiphakathi".

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C a few showers. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Showers late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 17-23°C Morning clouds. Mild. PE: 17-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...