UMnyango uphika eyokugodukisa abokufika

2012-11-06 16:42

Johannesburg - UMnyango wezaseKhaya uyakuphika ukuthi ubusohlelweni lokubuyisela emakhaya abantu abangu-30, abakuleli laseNingizimu Afrika ngokungemthetho.

Laba bagcinwe esikhungweni esikhoselisa abokufika iLindela Repatriation Centre, eGoli.

"Alukho uhlelo olunjalo, lezi yizinsolo nje zabakwaSA Human Rights Commission nabakwaPeople Against Suffering, Oppression and Poverty," kusho umkhulumeli woMnyango uRonnie Mamoepa.

Iphephandaba iSowetan libike lathi bangu-42 abantu bokufika abazophindiswa emakhaya njengoba sebehlale esikhungweni izinsuku ezevile kwezingu-120, okuyizinsuku ezibekelwe ukubakhoselisa.

Umqondisi eMnyangweni uMkuseli Apleni, kuthiwa washaya indiva izincwadi ezivela kwaSAHRC, ezithi akudedelwe abokufika.

UMamoepa uthi uMnyango uhambisa konke ngendlela, uthi kuyabacacela ukuthi kukhona abantu bokufika abangayilandeli imogomo ababekelwe yona.

"Abanye balaba abafuni ngisho ukudalula amazwe abaqhamuka kuwo futhi abafuni ukusebenzisana nezikhulu zekhomishana kanjalo namanxusa amazwe abo."

UMamoepa uthe uMnyango uyaqinisekisa ukuthi bonke abokufika abagqunywe esikhungweni lesi, bazonakekelwa ngendlela efanele.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-10°C Sunny. Cool.
Dbn: 10-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...