UMnyango uphebeza izinsolo ngoNdebele

2011-11-03 12:56

Johannesburg - UMnyango wezokuThutha usegxeke umbiko wabezindaba othi uNgqongqoshe walo mnyango uS'bu Ndebele umosha imali yabakhokhintela emahhotela kanokusho.

Lo mnyango uthi umbiko wephephandaba wokuthi uNgqongqoshe wahlala ehhotela laseGoli izinsuku ezingu-25 ngonyaka odlule ngenani lika-R190 000 ingamanga futhi idukisa abantu.

"Lo mbiko udukisa abantu ngokuthi uNgqongqoshe uxhaphaza imali yabakhokhi bentela" kusho isikhulumi sikaNgqongqoshe uTiyani Rikhotso.

Iphephandaba iBeeld licaphune le mpendulo yombuzo wasePhalamende ngoLwesithathu, laphinde lacaphuna uRikhotso ethi le miningwane ingamanga.

Umbiko ubuthi uNdebele wahlala eHyatt Regency Hotel eGoli phakathi kukaSepthemba no-Okthoba  ngonyaka odlule izinsuku ezingu-25, nokwabiza u-R190 000, kuhlanganisa nezindleko zomshayeli ezibiza u-R70 000.

URikhotso ngoLwesithathu ebusuku uthe uNdebele ngaleso sikhathi wayeseCanada ngokomsebenzi izinyanga ezimbili, lapho ahlala khona eHyatt.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...