UMnyango ukhuza abasebenzi abatelekile

2012-11-27 16:35

Johanesburg - Izehlakalo zokwesabisa kanye nokulinyazwa kwempahla ngezinye zezinto ezibikiwe njengoba kuqhubeka isiteleka sabasebenzi bezempilo e-Eastern Cape, kusho uMnyango ngoLwesibili.

"Lokhu kungukwephula umthetho futhi kuphambene kakhulu noMthethosisekelo wezwe,” kusho okhulumela uMnyango uSizwe Kupelo.

"Uma abantu belwela amalungelo abo akusho ukuthi kumele babukele phansi amalungelo abanye abantu. Sikhathazekile ngesimo...sizinikele ekutheni bakhokhelwe izimali zabo.”

UKupelo uthe abasebenzi bangena esitelekeni kusukela ngesonto eledlule, laba bakhala ngokungaholelwa nguMnyango.

Kuthiwa abanye bababhikishi bacishe umshini osiza ukuphefumulisa iziguli esibhedlela eBisho, lokhu kubeke engcuphezi izimpilo zeziguli, inganiswelwa ku-R191 million imali ekweletwa abasebenzi.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C Rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C a few showers. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-20°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...