UMnyango ukhathazekile ngokufeyilwa kweMaths

2012-12-03 16:36

Johannesburg - Abafundi bakwa-Grade 9 bathole u-13% kuphela kuMathematics, ngesikhathi bebhala ukuhlolwa kwabo kukazwelonke okwaziwa nge-Annual National Assessment (ANA), kusho uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga.

Izifundazwe bezithola amamaki alinganiselwa ku-9 kuya u-17%, kusho uMotshekga ngesikhathi ememezela izibalo eTembisa, eGoli.

"Lezi zibalo ziveza inkinga enkulu edala ukuthi abafundi bagcine bengasiqedanga isikole, imvamisa bashiye sebekwa-Grade 10 noma kwa-Grade 11.

UMotshekga uthe uMnyango ukhathazeke kakhulu ngabafundi abangenzi kahle ezifundweni iMaths neScience, kuphinde kube nokukhathazeka ngalaba abavele bangazenzi lezi zifundo ekubeni imiphumela yabo ibavumela.

"Esinye isizathu semiphumela engemihle kuba wukushoda kothisha."

Ungqongqoshe uthe iyathokizisa imiphumela yabafundi abakwa-Grade 1 kuya kwa-Grade 3, wathi akukubi kakhulu kubafundi abakwa-Grade 4 kuya ku-Grade 6.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 14-26°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-23°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C Haze. Warm. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...