UMnyango nezindlela zokugwema izingozi

2012-11-22 15:00

Durban - UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi ukhulumisana nabeRoad Freight Association ngenhloso yokuthola izindlela zokunciphisa izingozi ezibandakanya amaloli emigwaqeni yesifundazwe, ikakhulukazi njengoba kuza amaholidini, kusho iNewswatch.

Okhulumela uMnyango uKwanele Ncalane uthi imigwaqo efana no-N3, N2 kanye no-M13 iyakhathaza kakhulu njengoba sekube nezigameko eziningi zokuginqika kwamaloli kuyo.

Ukulala amankeyane kweloli emgwaqeni u-N2 eduze nogwaqo ophumela ku-Adam's Road, eningizimu yeTheku, kudale isiminyaminya esikhulu.

Elinye iloli lalala amankiyane ku-M19 ngesonto eledlule.

UVan Reenen's Pass ku-N3 nawo kwake kwadingeka ukuba uvalwe amahora ayishumi nambili ngenxa yesiminyaminya.

UNcalane uthi kubalulekile ukukhulumisana nabale mboni ukuze kutholakale isisombululo.

"Thina sibona ukuthi singakwazi ukunciphisa izingozi uma abantu bengalandela imithetho. Akuyona into enzima," kuqhuba yena.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...