UMchunu ushaqekile ngokubulawa kwabafundi
2013-02-20 08:32
Durban - UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uSenzo Mchunu usezwakalise ukushaqeka ngokubulawa ngesihluku kwenye ingane eMkhanyakude District.
UMnyango uthe umfundi, 14, obenza u-Grade 8 eLifalethu High School
unyamalale ngoLwesibili olwedlule isidumbu sakhe satholakala ngoMsombuluko esikhotheni.
Ubeklajwe ngembazo emqaleni.
UMnyango uthe lesi sigameko senzeke endaweni ekude ngamakhilomitha ayisihlanu nalapho kwenzeke khona esokuqala.
Esigamekweni sokuqala, umfundi, 15, waseZwilenkosi Junior Secondary
School wadlwengulwa wabulawa isidumbu sakhe satholakala ehlathini.
“Lezi zigameko ziyathusa kakhulu, sizwelana kakhulu nemindeni elahlekelwe," kusho uMchunu.
Kubanjwe umsolwa esigamekweni sokuqala.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness