UMbuso ekuphikiseni ibheyili kolwaseGriekwastad
2012-09-17 12:06
Johannesburg - UMbuso usufake isicelo sokuphikisana nebheyili enikezwe umfana oneminyaka engu-16 ubudala wasepulazini laseGriekwastad, ecaleni lokubualala, kubike iVolksblad ngoMsombuluko.
Umshushisi woMbuso uJJ Cloete uthi imantshi yenze iphutha ngesikhathi ithi ithola ukuthi lo mfana akayona ingozi kulabo asondelene nabo.
Isicelo sizolalelwa eNkantolo eNkulu yaseNorthern Cape ngomhlaka-27 kuSepthemba, kubike iphephandaba.
UCloete uzwakalise ukuthi ngesikhathi kufakwa isicelo sebheyili, umfana akakhombisanga ukuthi umsulwa kanti futhi waqamba amanga emaphoyiseni.
UCloete emaphepheni awafakile uzwakalise ukuthi imantshi izwelane kakhulu nomfana yangalubhekisisa kakhulu udaba lwezinsolo zokubulala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA