UMbeki wakhala ezimathonsi: Wikileaks

2011-09-05 10:21

Johannesburg - Umbiko oyimfihlo weMelika okhishwe yiWikileaks uchaza ngokuthi lowo owayengumengameli kuleli uThabo Mbeki wakhala kanjani ngaphambi kokuba amemezele ukusula esikhundleni.

Lo mbiko, wangoSepthemba 5 2008, uchaza ngomhlangano phakathi kwesekela likamqondisi jikelele ekusungulweni kwemigomo uVusi Gumede nomhlaziyi uThabileng Mothabi, uQueeneth Mlaba nezikhulu zaseMelika.

Iphephandaba iThe Times libike ngoMsombuluko ukuthi kulo mbiko, uGumede uchaza ngokuthi uMbeki walibonga kanjani iKhabhinethi lakhe, amasekela ongqongqoshe nabasebenzi "izinyembezi zigeleza".

Ngokwalo mbiko, uMothabi, wachaza lowo oseyiPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe "ngenjesiphukuphuku" kwathi uMengameli Jacob Zuma yena wambiza "ngesilima".

"UZuma yisidunyelwa sangempela...akakwazi ukusebenzisa imigomo ebekiwe."

IHovisi likaMengameli linqabile ukuphawula ngalolu daba, njengoba libize lo mbiko "ngamahlebezi angenasisekelo".

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...