UMbeki usephenduke intandokazi ye-ANCYL

2012-01-11 07:18
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Uphiko lwentsha ye-ANC lifuna lowo owayengumengameli kuleli uThabo Mbeki abe nezwi aphinde azwakalise imibono yakhe ngezombusazwe nezomnotho kuleli, kubika iThe Times.

Ekhuluma kuSAfm ngoLwesibili, lowo ongumholi we-ANCYL osamisiwe uJulius Malema uthe bazocela ukuba nomhlangano noMbeki ngenhloso yokumnxusa ukuba angashabalali emehlweni abantu.

Okhulumela lolu phiko uFloyd Shivambu uthe: "Okwamanje uhlomulisa amanye amazwe angaphandle. Sesifuna ukumuzwa ekhuluma ngezindaba ezithinta izwe lakithi."

Kuke kwaba nemibiko ngaphambilini yokuthi i-ANCYL yacela ukuhlangano noMbeki, kodwa uMbeki wathi mayicele ebuholini be-ANC kuqala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 15-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...