UMbeki uhlonzwe njengohlabahlosile e-Afrika

2012-11-09 16:40

Johannesburg - Owabe enguMengameli wakuleli uThabo Mbeki useqokwe njengeDaily Trust African of the Year, enconywa ngomsebenzi awenza ezama ukuqeda udlame eSudan.

Usihlalo webhodi yeDaily Trust uSalim Ahmed Salim ukhiphe isitatimende ethi uMbeki uhlonishwe ngoLwesine ebusuku.

"Imvamisa uma siqoka ohlabahlosile, sibheka loyo owenza izinto ezedlulele kulezo ezenziwa ngabanye, nokho kulo nyaka siqoke ukukhetha umuntu ovele ugqamile ezwenikazi i-Afrika, umuntu ozinikelile ngakho konke,” kusho uSalim.

Ngenyanga ka-Ephreli bekufufusa udlame eSudan naseSouth Sudan, uMbeki nethimba lakhe bakwazi ukwehlisa imimoya yabantu kwahlalwa phansi kwaxoxiswanwa.

"Ngenxa yobuholi bakhe obungangabazeki, ngenxa yomsebenzi omuhle awenzile eSudan naseSouth Sudan, bekumele uThabo Mbeki aqokwe njenge-2012 African of the Year," kusho uSalim.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...