UMbeki noDe Klerk bazohambela iSONA

2013-02-12 16:25

Cape Town - Ababe bengoMengameli bezwe uThabo Mbeki noFW de Klerk, bathole izimemo zokuba yingxenye yokwethulwa kwenkulumo yokuvulwa kwePhalamende, phecelezi iState Of The Nation Address (Sona).

Bekhuluma nabezindaba ePhalamende, umkhulumeli walo uMax Sisulu kanjalo nosihlalo weNational Council of Provinces uMninwa Mahlangu, bathe uMengameli uJacob Zuma uzokwethula inkulumo yakhe ngo-19:00.

"Kuningi okuzobe kwenzeka, umengameli uzophelezelwa ngamasosha namaphoyisa. Uzohlonishwa ngokusemthethweni," kusho uMahlangu.

UMahlangu noSisulu bazophelezela uZuma uma esengena ePhalamende, edlula eSlave Lodge, eya esixukwini.

"Amalungu omphakathi azokuba yingxenye ngokubandakanywa kwabafundi, namalungu aqokelwe ukumela umphakathi."

Imbongi yaseFree State, u-April Moloi, nguye ozobe ehasha uMsholozi

"I-Sona iyingxenye kamengameli yokukhuluma nezakhamuzi ngalokho okuwumhlanhlandlela ekulungisweni kwezidingo zomphakathi."

Izicukuthwane ezimenyiwe zihlanganisa owabe enguMengameli uThabo Mbeki nonkosikazi wakhe uZanele, nokho bazokuba khona uma kuwukuthi sebebuyile eSudan.

Kube owabe enguMengameli uFW de Klerk nomkakhe u-Elita, balabo ababengamaSekela uBaleka Mbete noPhumzile Mlambo-Ngcuka.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...