UMbalula ugcwele izincomo ngeBafana
2013-01-24 08:35
Johannesburg - UNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbabula uhalalisele iBafana Bafana ngemuva kokunqoba umdlalo okokuqala ngqa kule midlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ekuleli.
IBafana ibhaxabule i-Angola ngo 2-0 eThekwini, yaqhwakela phezulu kuGroup A, emdlalweni wayo wesibili ku-Afcon eMoses Mabhida Stadium.
“Iqembu litshengise okukhulu ukuzimisela kanti lijabulise izwe,” kusho uMbalula, nobekunguye onikeze abadlali amajezi ngaphambi komdlalo.
“Siyaziqhenya ngabo futhi sizoqhubeka nokubeseka kule midlalo ezolandela."
IBafana Bafana, neyadlala ngokulingana ngo 0-0 neCape Verde Islands ngoMgqibelo, izobhekana neMorocco ngeSonto khona eThekwini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA