UMazibuko uthi i-DA inokuzethemba
2013-02-13 08:33
Johannesburg - Iqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance ihlela ukubhincisela nganxanye i-ANC okhethweni luka-2014 ngokunqoba u-30% wamavoti, kusho umholi waleli qembu etshela i-AFP.
“Sizimisele ukuwina okungenani u-30%,” kusho uLindiwe
Mazibuko, nongumholi weDA ePhalamende, nothwelwe ngeqoma ngabaningi abathi ngelinye ilanga uyogcina ehola leli qembu.
“Ngisola ukuthi sizothola amavoti aphakathi kuka-25 no-30% uma izinto zisihambele kahle, kube ngu-20 kuya ku-25 uma sidonsa kanzima," esho, njengoba ephinde wavuma ukuthi impela i-ANC ingase iphume phambili.
Okhethweni luka-2009, i-DA yathola u-16% wamavoti, kwathi ngokhetho lwezindawo luka-2011 kwasala kancane iwole angu-25%.
Solokhu kwaphuma uhulumeni wobandlululo, i-ANC inqoba ngaphezu kuka-2/3 uma kunokhetho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP