UManyi uzosungula inhlangano 'yezifundiswa'

2013-03-25 12:04

Johannesburg - Owayekhulumela uhulumeni, uJimmy Manyi uzohola ukusungulwa kwenhlangano ezobhekela izifundiswa eqenjini i-African National Congress, kubike iSowetan ngoMsombuluko.

"I-PPF (Progressive Professional Forum) ihlose ukuveza ukuthi i-ANC ingeyabangafundile nabantekenteke kuphela,” kusho isiqephu esithathwe emqulwini we-PPF, iSowetan ethi inawo.

Le nhlangano ebizwa emiqulwini yayo ngokuthi yi-professional grouping – izosungulwa ngenyanga ezayo.

UManyi utshele iphephandaba ukuthi kunezinhlelo zokusungula inhlangano.

"Ngeke ngakuphika ukuthi zikhona izinhlelo zokusungula inhlangano, kodwa kusasemome ukuthi ngingaphawula manje ngoba sisasesigabeni sokuxhumana,” usho kanje.

Emiqulwini yayo, i-PPF iphakamise ukuthi osolwazi/ongoti kuzomele bafake u-R20 ngenyanga, ukuze babe yingxenye yayo.

Ngo-Agasti nyakenye, uManyi waphelelwa yisikhathi sakhe njengesikhulu esiphezulu sezokuxhumana kuhulumeni kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...