UManuel unxusa ushintsho kuhulumeni

2011-09-05 16:37

Parliament - INingizumu Afrika iyahluleka ukunikezela ngezidingongqangi kubantu abaswele kusho uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uTrevor Manuel ngoMsombuluko.

Ube esecela amalungu ePhalamende ukuba abhekisise amaphutha kahulumeni.

Kumele bangagcini ngokubuza ukuthi imali isetshenziswe ngokohlelo yini kodwa babuze nokuthi isetshenziswe kulabo abayidinga kakhulu yini yaphinde yasebenza ngendlela efanele ukukhipha abantu enhluphekweni.

UManuel uthe inkinga  ngokubheka amaphutha okusetshenziswa kwezimali zikahulumeni ukuthi ziyafihlwa ukuba zicwaningwe. 

Ukushintsha impilo yabantu abaswele yinto ehamba phambili ezithembisweni ezenziwe ngumthethosisekelo ezakhamizini zakuleli, hhayi nje uhlangabezana nezithembiso ezenziwa enhlanganweni yezizwe.

"Ngakho kumele sivume ukuthi nakuba zikhona izimali ezibekelwe ukwenza izidingo kodwa siyahluleka ukuzihambisa kubantu abaswele."

Lowo owayenguNgqongqoshe wezoMnotho uthe kubalulekile ukuthi umncwaningi mabhuku jikelele abheke ukuthi imali isebenza ngokomthetho wezimali zomphakathi yini.

UManuel uthe nakuba kusetshenziswa u-6% wemali yakuleli kwezemfundo, kodwa iNingizimu Afrika ayenzi kahle kwezemfundo.

Ucele amalungu ePhalamende ukuba ufune ulwazi ezikhulwini zikahulumeni, hhayi ukugcina ngokulalela izinkulumo zaminyaka yonke lapho abeminyango kahulumeni besuke begxeka abebengaphambi kwabo ngokungahambi kahle kwezinto.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Rain late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...