UMandela uzoqhubeka nokuhlala esibhedlela

2012-12-20 14:48
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ayikho imibiko emisha ngesimo sempilo kalowo owayengumengameli uNelson Mandela, kusho iHhovisi likaMengameli embikweni wakamuva ngoLwesine.

"Akukho esingakusho okusha okwamanje," kusho uMac Maharaj.

"Uma kukhona okusha ngeke silenze iphutha, sizonazisa."

UMandela wayiswa esibhedlela esisePitoli esuka eQunu, e-Eastern Cape, ngoDisemba 8 ukuyolashelwa isimo samaphaphu esihlala ngokumhlupha nokukhishwa ama-gallstones.

UMaharaj uthe konke kuhamba kahle kanti uMandella ululama kahle.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, uMengameli Jacob Zuma uthe odokotela bathe uMandela usesimweni esihle kakhulu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 15-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...