UMandela uphila njengosheleni - Zuma

2013-02-11 07:48

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma uhambele lowo owayengumengameli kuleli uNelson Mandela emzini wakhe oseGoli, eyomfisela impilo enhle nakho konke okuhle.

“Ubebukeka ejabulile, size saxoxa nangomcimbi ozayo wokuvulwa kwePhalamende kanjalo ne-Afcon,” kusho uZuma esitatimendeni.

Bathi uMandela ubebukeka "ekhululekile" ezibukele ithelevishini.

IHhovisi likaMengameli lithi uZuma ubesendleleni eya emdlalweni wamanqamu we-African Cup of Nations ngesikhathi edlula kuMandela emzini wakhe oseHoughton.

UMandela wachitha izinsuku ezingu-18 esibhedlela phakathi kukaDisemba noJanuwari, nokwaqubula imibuzo eminingi ngesimo sakhe sezempilo.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Sunny. Cool. Pta: 15-23°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C a few showers. Breaks of sun late. Mild. Bloem: 14-21°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-26°C More clouds than sun. Mild. PE: 19-30°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...