UMandela ululamela ekhaya - Maharaj
2012-12-27 08:33
Johannesburg - Lowo owayengumengameli wokuqala wentando yeningi kuleli uNelson Mandela ukhishiwe esibhedlela ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokuchitha uKhisimusi khona, kusho iHhovisi likaMengameli.
“Uzonakekelwa ekhaya lakhe eliseHoughton aze alulame ngokupheleleyo,” kusho uMac Maharaj.
“Sithanda ukubonga abantu bakuleli nabezindaba abebelokhu befisela uMadiba okuhle kodwa, bamnika nesikhathi nomndeni wakhe.
“Sicela kuqhubeke ngaleyo ndlela kuze kube uyalulama."
UMandela, 94, wangena esibhedlela ngoDisemba 8.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA