UMalema uzophuma phambili ecaleni - Mathale

2012-09-27 08:32
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UNdunankulu waseLimpopo uCassel Mathale uthi nakanjani icala lokuxhaphaza imali elibekwe lowo owayengumengameli we-ANCYL uJulius Malema, lizotholakala lingamanga, kubika umsakazo weSABC ngoLwesine.

"Sijabule ngomngani wethu ovele enkantolo wathweswa icala nesikholelwa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uzovela enkantolo ageze igama lakhe," esho.

UMathale uzwakalise ukweseka kwakhe uMalema ngesikhathi kunomcimbi wokuqoqa izimali nobuhlelwe yi-African National Congress esifundeni iPeter Mokaba eLimpopo ngoLwesithathu ebusuku.

UMalema unikwe ibheyili ka-R10 000 eNkantolo yesiFunda ePolokwane ngoLwesithathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...