UMalema uzophikisa esokushaqelwa impahla

2013-02-01 10:05

Johannesburg - Lowo owayengumholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema uzophikisa isiphakamiso seSA Revenue Services (Sars) sokuthi ahlonzwe njengongenamali bese eshaqelwa impahla, kusho ummeli wakhe ngoLwesihlanu.

"Ngingaqinisekisa ukuthi siyalelwe ukuba siphikisane nesicelo," kusho uNicqui Galaktiou.

Ngokwamaphepha afakwe eNkantolo eNkulu yasePitoli kuleli sonto, uMalema ukweleta abakwaSars u-R16 million kanti "ucwile ezikweletini njengoba engeke akwazi ukuyikhokha le mali."

Kulesi sicelo abaqoqi bentela bafuna ukunikezwa igunya lokushaqa impahla kaMalema -- okubalwa umuzi wakhe oseSandton, nomunye ongadalulwanga kanjalo nepulazi lakhe eliseLimpopo -- ukuze ziyodayiswa esidlangalaleni.

Icala lizolalelwa ngoFebhuwari 27.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-34°C More sun than clouds. Extremely hot.
Jhb: 19-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-34°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 21-34°C a mixture of sun and clouds. Hot. PE: 18-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...