UMalema uvulele umngani wakhe icala
2013-01-15 10:04
Johannesburg - Lowo owayengumengameli we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema uvulele lowo owayengumngani wakhe, uBoy Mamabolo, icala lokumehlisa isithunzi, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili.
"UJulius uvule icala ngoMgqibelo ebusuku esiteshini samaphoyisa ePolokwane," kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.
UMulaudzi uthe amaphoyisa ayaphenya ngeleli cala.
NgoLwesibili, iphephandaba iThe Star libike ukuthi uMamabolo usabise ngokugumba izinsalela zikamama kaMalema -- uMahlodi Malema --
ethuneni bese lawo mathambo awalahla phambi komuzi kagogo wakhe eSeshego.
Lokhu kuthiwa kulandela ukuthi uMalema athumela abangani bakhe ukuthi balale nentombi kaMamabolo.
Leli phephandaba libike ukuthi uMamabolo wathumela uMalema umqhafazo ofundeka kanje: "Kulokhu ngifuna ukukutshengisa ukuthi nginesihluku esinjani ngokuthi ngigumbe amathambo kaMahlodi ethuneni bese ngiwabeka phambi komuzi kagogo wakho. Usungenze izinto ezimbi kakhulu," kusho umqhafazo kaMamabolo.
UMamabolo uthi uMalema wayalela uSihlalo we-ANC Youth League
eLimpopo uJacob Lebogo noJossie Buthane, ukuthi balale nentombi yakhe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA