UMalema uvikele i-ANC
2012-11-26 08:21
Johannesburg - Umengameli we-ANCYL owaxoshwa uJulius Malema uvikele i-ANC ngodaba lokudilizwa kwezindlu eLenasia, wasolwa uMnyango wezeziNdlu eGauteng ngalokhu.
UMalema utshele izakhamuzi zaseLenasia ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseGoli ukuthi bangagxeki i-ANC ngokudilizwa kwezindlu ngenxa yokuthi uhulumeni uyena othathe isinqumo sokucekela phansi izindlu zabo.
Lokhu bekungemuva kokuthi uJaji Phineas Mojapelo ekhiphe isinqumo sokuthi kumiswe ukudilizwa kwalezi zindlu.
UMojapelo uphinde waqhuba ngokuthi izinhlaka ezithintekayo kulolu daba kumele zihlale phansi zilulungise kuze kuba zilungela ukuvela ngaphambi kwenkantolo.
ISouth African Human Rights Commission yayisa uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uTokyo Sexwale enkantolo ukuze kumiswe ukudillizwa kwalezi zindlu ekuthiwa zakhiwe emhlabeni kahulumeni ngokungemthetho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24