UMalema uthi akuvikelwe uMathunjwa

2014-08-17 11:03

Marikana - Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema usekhulume wathi kumele abasebenzi bavikele uMengameli we-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu), uJoseph Mathunjwa, athi kuliwa naye, kubhala abezndaba zeSunday Independent.

UMalema akajulanga ngalokhu kusho kwakhe, nokho ucaphune isehlakalo esakhishwa abezindaba la kwathiwa khona uMathunjwa uphila impilo engubukhazikhazi.

“Kumele isvikele uMathunjwa, kunabamhlaselayo. Kumele simvikele, abezindaba baveza izimoto zakhe bahi uphila impilo engubukhazikhazi. Yini yona iBMW X5?” kusho uMalema.

NgoMgqibelo uMalema ukhulume nezinkumbi zabavukuzi ebezihlangene esikhumbuzweni sozakwabo abashona ngonyaka ka-2012, bedusthulwa ngamaphoyisa kuqhubeka isiteleka sabasebenzi baseMarikana.

Isikhumbuzo sibanjelwe endaweni yesehlakalo, samhlaka-16 Agasti. Ngaphambi kokiuthi kudutshulwe abavukuzi, ngayizolo kwabulawa abanye abantu abangu-10 ababehlanganisa amaphoyisa amabili nonogada ababili basemayini iLonmin.

Abavukuzi bangena esitelekeni bethi bafuna ukwenyuselwa amaholo ngo-R12 500.

NgoMgqibelo, bekuphela iminyaka emibili kwenzeka isehlakalo.

UMengameli wezwe uJacob Zuma, ukhulume wathi akumele kuphinde kubonakale lesi sehlakalo.

“Kumele sizinikele siqinisekise ukuthi asisebenzisi udlame ukuzama ukuxazulula izinkinga, okwenzeka eMarikana akumele kjuphinde kwenzeke," kusho uZuma.








 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...